Umbani ushaye izingane zesikole
2013-02-13 07:45
Johannesburg - Abafana besikole abane abebeshaywe ngumphezulu enkundleni yekhilikithi eGoli, sebekhishiwe esibhedlela kanti abanye ababili kumbulwa kwembeswa kubo, kuthi abanye abathathu basesimweni esigculisayo, kusho oweNetcare 911 uMande Toubkin.
Izingane lezi zingeniswe eMilpark Hospital.
“Ababili abasesimweni esibucayi basegumbini labagula kakhulu kanti laba abanye basathola ukwelashwa," esho.
La bafana abayisishiyagalolunye, baseKing Edward
VII School eGoli, bashaywe ngumbani bezama ukumboza inkundla yekhilikithi, kusho okhulumela uMnyango wezeMfundo eGauteng uCharles Pahlane.
Baphakathi kweminyaka engu-16 no-18 ubudala.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA