Umbani uhlasele umndeni kwashona oyedwa

2013-02-12 14:02

Durban - Umphezulu uhlasele washaya amalungu ayisithupha omndeni owodwa kwashona oyedwa noyilungu elaziwayo leqembu iNational Freedom Party.

Umbani uhlasele emzini oseMangangeni, eZwelibomvu, ngasePinetown, kungasasele sikhathi esingakanani kuqale umcimbi wokwethembisa umshado.

USibusiso Ntini, 20, iyolungu le-NFP ku-Ward 13, ufe ujuqu, kanti abanye abalimalile balwela izimpilo zabo esibhedlela.

Umama kamufi uVeronica Shozi, 49, utshele iphephandaba iDaily Sun wathi indodana yakhe iphume ekhaya ngoMgqibelo ithi iya egigini likamzala wayo.

“Abasemzini bafike ngoMgqibelo ebusuku, bengilele nabo egumbini. NgeSonto ekuseni kufike umbiko othi angiphuthume abantwana bami bonke sebeshonile."

“Ekufikeni kwami, bonke bese bephapheme ngaphandle kukaSbusiso. Ubeyithemba lami."

Umama lona uthi baphoqekile ukuthi baqhubeke nomcimbi ngoba vele konke bese kuhleliwe.

Abe-NFP bathe bazozama ukusiza ngezindleko zomngcwabo kanti amaphoyisa ayaphenya ngalesi sehlakalo.




 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Mild. Pta: 19-30°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-22°C Cloudy. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...