Umbani ubulale izinkomo ezingu-29

2013-02-20 10:06

Johannesburg - Kuhlasele umphezulu kwafa izinkomo ezingu-29 epulazini eliseBooyzynkraal phakathi kwaseGroblersdal naseWitbank eMpumalanga, ngokusho kombiko wangoLwesithathu.

Umnikazi wepulazi uTitia van Deventer uthe abasebenzi basepulazini babone lokhu ngemuva kwesiphepho esinamandla.

"Sibe sesithola izinkomo ezingu-29 entabeni," kusho uVan Deventer etshela iphephanaba iBeeld.

"Bezibuthelene ngasezihlahleni ezimbili... bekudabukisa ukubona into enje. Ngibone kubalulekile ukutshela abantu ngalokhu ngenxa yokuthi abanye abazi ukuthi umbani uyingozi kanjani."

Lesi sigameko senzeke ngesonto eledlule, ngemuva kosuku abafundi abayisishiyagalolunye ababedlala ikhilikithi eKing Edward VII High School eGoli bashaywa ngumbani.

NgoMsombuluko owedlule, umbani washaya umfundi wentombazane, 16, waseProtea Glen Secondary School eSoweto esendleleni egodukayo nezinye izingane, kwashona oyedwa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-15°C More sun than clouds. Cool. Pta: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 8-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 12-18°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...