Umbani ubulale 2 eKZN

2011-10-03 10:37

Durban - Kushone abantu ababili emuva kokushaywa umphezulu emuva kokuhlasela kwesiphepho endaweni yase-Estcourt kwathi abayisishiyagalombili balimala, kubika iNewswatch.

UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana uthe izisulu, nokungamalungu omndeni owodwa, beziziphumulele kwenye yezindlu emuva komsebenzi wesintu ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko ngeSonto.

Okhulumela lo Mnyango uVernon Mchunu uthe bazohambela izakhamizi ngokuhamba kosuku.

"Okwamanje amathimba ethu ajutshwe kubona bonke omasipala ukubheka ukuthi awukho yini omunye umonakalo owenzekile, okwamanje sisathole umbiko wezimvula ezinkulu ezidale izikhukhula emigwaqeni. Sinxusa abashayeli ukuba bashayele ngokucophelela," esho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-33°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-26°C High level clouds. Warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...