Umama uvuma eyokuba nezingane nendodana yakhe

2014-09-09 13:31

Durban - Uthi uzisola yena ngokushona kukababa wakhe owesilisa, 29, othi waqala ukulala nomama wakhe ongamzali eseneminyaka engu-15 ubudala.

Ubaba wakhe, owayeshayela amatekisi eNewcastle, KwaZulu-Natal, washona ngemuva kwesonto ethole ukuthi izingane ezine abesezondle iminyaka akuzona ezakhe, kepha ezendodana yakhe.
 
Umufi kuthiwa waphinde wathola ukuthi indodana yakhe isilale nonkosikazi wakhe iminyaka engu-10, kubika iDaily Sun.

“Sekuyahlaluka manje ukuthi kahle kahle ngahlukunyezwa,” kusho indodana, nengeke likhishwe igama lakhe.
 
“Ngangingaqondile ukudla ubaba izithende. Umama nguye owathatha ubunsizwa bami,” eqhuba.

OLUNYE UDABA: Udingisiwe owathathela umama indoda

Uthi umama wakhe wayemsabisa ngokuthi ngeke amnikeze ukudla uma enqaba ukulala naye.
 
“Ngaqala ukuphuza ngaze ngayeka nesikole ngenxa yokuthi le nto yayiwuhlupha umphefumulo wami,” esho.

Indodakazi kamufi (nekungenzeka ukuthi izalwa ngumfowabo) ithi yayingalali ebusuku umsindo kamama wayo nomfowabo bezitika ngocansi.

 Ebuzwa umama ngalokhu uvumile wathi unezingane ezine nendodana yakhe angayizali.

“Kwaba yiphutha. Kwakungamele yenzeke le nto, sengaxolisa.”


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...