Umama ukhohlwe ingane otshwaleni
2012-11-08 10:01
Gladys Machakela, Daily Sun
Kimberley - Owesifazane oneminyaka engu-28 ubudala, onosana olunenyanga eyodwa uzinese ngezinyembezi zikaFaro endaweni yokucima ukoma, kwathi esegoduka wakhohlwa wusana lwakhe ngemuva.
Lo mama waseDiamond Park, eKimberley uziyele yena emaphoyiseni eyobika ukuthi ulahlekelwe yingane, amaphoyisa abe esembopha emvulela icala.
Iphephandaba iDaily Sun likhiphe lo mbiko ngoLwesine, lithi umama lona utshele umyeni wakhe wathi ingane uyishiye ezihlotsheni.
Omunye wesifazane naye obekhona kule ndawo yokucima ukoma, uhambise ingane emaphoyiseni ngesikhathi kumcacela ukuthi unina uhambe wayishiya.
ULieutenant Sergio Kock uthe ingane ingeniswe esibhedlela kuze izohlolwa, odokotela abatholanga lutho olonakele ngayo.
Umama uzovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseKimberley maduzane, ubhekene necala lokunganakekeli ingane.
Ukuhlukunyezwa kwezingane kungabikwa enombolweni engu-08600 10111 noma uthumele umlayezo ku-32211.
- Thola ezinye
izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho
- Thola izindaba zeDaily Sun
kuFacebook
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Daily Sun