Umama ubulale ingane, wazilengisa
2012-11-28 10:03
Johannesburg - Owesifazane wase-Atteridgeville, ePitoli, usolwa ngokuklinya abulale indodakazi yakhe, 8, ngaphambi kokuzikhunga ekhaya labo, kusho umbiko weSowetan.
Umyeni wakhe, noyiphoyisa esiteshini sendawo, uzithele kulezi zidumbu ngesikhathi ebuya emsebenzini ngoMsombuluko ngabo-18:15.
Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesehlakalo athole isidumbu sikankosikazi, 41, silenga.
Lo ubengumama ohlala ekhaya.
UCaptain Thomas Mufamadi uthe bathole isidumbu sengane "okusolakala ukuthi inklinyiwe" sisembhedeni wayo egumbini lokulala.
UMufamadi uthe imbangela yalokhu ayaziwa, kodwa uphenyo luyaqhubeka.
Uchaze lesi sigameko "njengesidabukisayo nebesingalindelekile".
"Isiteshi samaphoyisa sizomeseka lowo olahlekelwe ngalesi sikhathi esinzima," kusho uMufamadi.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24