Umama kaMbeki weseka uZuma
2012-11-28 08:30
Johannesburg - Umangaze abaningi umama kalowo owayengumengameli uThabo Mbeki, ngesikhathi eveza ukuthi nakanjani uMengameli Jacob Zuma uzowudla umhlanganiso eMangaung, kubika iSowetan.
"Noma singayaphi siyephi, uZuma uzolithatha ihlandla lesibili," kusho u-Epainette Mbeki, nowaziwa kakhulu ngokuthi nguMaMbeki.
Ekhuluma ekhaya lakhe eNgcingwana, e-Eastern Cape, uMaMbeki uthe uma uZuma nesekela lakhe uKgalema Motlanthe, bephakanyiswa kozohola i-ANC, angahamba noZuma.
Uchaze uMotlanthe njengomholi odidayo uma ubuka izinhlelo zakhe, enezezela ngokuthi kuzoba nzima ukumeseka.
"Angimethembi uKgalema," esho. "Kunzima ukumqonda ngenxa yokuthi asikwazi akholelwa kukho. Ngakho kunzima ukwazi ukuthi uzoyiholelaphi i-ANC uma eba ngumengameli."
Yize ethi angeseka uZuma, kodwa lokho akusho ukuthi konke kuhamba kahle, uMaMbeki uthi uZuma naye unamaphutha njengawo wonke umuntu.
"UZuma uyazama ukujabulisa wonke umuntu ngendlela yokuthi uze adideke kwekumele akwenze."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24