Ulusizi owaphucwa ingane eBotswana

2013-01-24 12:03

Durban - Akalilahlile ithemba owesifazane waKwaZulu-Natal owa-adophtha ingane ezalwa eBotswana kodwa waphoqeleka ukuthi ayishiye emuva, ngemuva kwezinsolo ezithi uzama ukuyishushumbisa.

Lona wesifazane ongeke lidalulwe igama lakhe kuze ezovikeleka kuvikeleke nengane, wabe efundisa eBotswana.

Ngesikhathi kuphela inkontileka yokusebenza kwakhe, wazama ukubuyela ekhaya eNingizimu Afrika kodwa kwaphoqeka ukuthi ashiye ngemuva umntanakhe.

Etshela abezindaba uthi wathola incwadi yenkantolo emvimba ekutheni abuyele ekhaya nengane, uthi waphekwa ngemibuzo ngabakwaDirectorate of Intelligence and Security (DIS).

“Bathatha incwadi yami yokuhambela amazwe, bangithethisa bengithwesa amacala engingawazi. Bangitshela ukuthi angifanelwe wukuba ngumama," kubalisa lona wesifazane.

Ummeli obhekele amalungelo ezingane uSolwazi Ann Skelton, uthi akulula ukuthi angaphawula kakhulu ngemithetho yaseBotswana.

Umkhulumelei woMnyango wezeNhlalakahle kuleli uLumka Oliphant uthe abanalo ulwazi ngalolu daba, kunjalo angeke bakwazi ukugxambukela ezindabeni zakwamanye amazwe.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Badedelwe ngebheyili abafundi

Emizuzwini eyi-10 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C a few showers. Morning clouds. Mild. Pta: 18-24°C Light rain. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-20°C Scattered showers. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 16-25°C Numerous showers. Partly sunny. Mild.
Dbn: 19-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...