Ulokhu ekhale njalo enkantolo u-Oscar

2013-02-20 14:02

Pretoria - Umsubathi wakuleli onezinyawo zokufakelwa u-Oscar Pistorius wayazi kahle kamhlophe ukuthi udubula intombi yakhe uReeva Steenkamp ngosuku eyabulawa ngalo emzini wakhe, kulalele iNkantolo yeMantshi yasePitoli ngoLwesithathu.

"Ngikholelwa ekutheni wayazi ukuthi intombi isegumbini lokugezela kanti wadubula kane vele ngenhloso yokuyibulala," kusho umphenyi kuleli cala uHilton Botha ethula ubufakazi.

Ubephendula imibuzo yoMshushisi woMbuso uGerrie Nel, nophikisa ukuthi uPistorius anikezwe ibheyili.

Kulindeleke kungene ufakazi ebhokisini nothi wezwa owesifazane eqandula, kwaqhuma isibhamu, kwakhanya ugesi, ngosuku lwesigameko.

"Ngemuva kokuzwa ukuqhuma kwesibhamu, wabona kukhanyiswa ugesi," kuqhuba uBotha.

Izikhuthazi ekuthiwa zitholakale emzini kaPistorius sekuvele ukuthi yikhambi lesintu elisemthethweni ukuba lingasetshenziswa ngabasubathi.

Njengoba ummeli wakhe uBarry Roux ezama ukuchazela inkantolo ukuthi kungani lo msubathi kumele akhishwe ngebheyili, umsolwa ulokhu ebheke phansi ekhihla isililo etshengisa nomuzwa wokuzisola.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 18-24°C Showery. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 15-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 19-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm. PE: 17-22°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...