Ulala phansi mba uPistorius - Umbiko

2013-02-21 10:01
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Isitokisi samaphoyisa aseBrooklyn, la kuvalelwe khona umsubathi u-Oscar Pistorius asinayo imibhede, kusho umbiko wephephandana iBeeld.

Kubikwa ukuthi uPistorius ulala phansi, andlale izinto zombhede azithunyelwelwe ngumndeni wakhe, ngezinye izikhathi uhlala egumbini nabanye abasolwa.

"Angeke ngachaza ukuthi bangaki abantu ekumele ahlale nabo esitokisini, iziboshwa ziyaphuma ziyangena," kusho okhulumela amaphoyisa uBrigadier Andre Wiese onguMkhuzi kulesi siteshi.

UWiese uthe angeke adalule ukudla okunikwa uPistorius, wathi iziboshwa zidla lokhu okusuke kuphekiwe ngaleso sikhathi...nokuyikho okusuke kukhona.

"Ngingakuqinisekisa ukuthi uphethwe ngendlela efanelekile, efanele iziboshwa, ngokusho koMthethosisekelo."

Kulesi sitokisi, iziboshwa zisebenzisa indlu yokugezela eyodwa kanye nethoyilethe elilodwa.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kumenele odubule wabulala intombi

Emizuzwini eyi-22 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-25°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 11-19°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-16°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...