Ulahlwe elokubulala ngokungenhloso oweHummer

2013-02-05 10:02

Johannesburg - Umshayeli weHummer eyashayisa abantu abathathu ababehamba ngezithuthuthu, kwashona ababili kwathi omunye walimala, utholakale enecala lokubulala ngokungenhloso, kubika iphephandaba iBeeld ngoLwesibili.

INkantolo yesiFunda ePitoli ithole u-Indi Himalindi Chiyabu, 31, waseZambia, enamacala amabili okubulala ngokungenhloso, nelesithathu lokuhamba endaweni yesigameko aphinde angabiki ngengozi.

IMantshi uBen van Schalkwyk uthe laba ababehamba ngezithuthuthu babengeke bakwazi ukuvika le moto kule ngozi yango-2010, wathi konke okwenzeka kwaba yiphutha likaChiyabu.

UPieter Coetzee noJP Kruger, bobabili ababengamalungu eChristian Motorcyclists Association SA, bashonela endaweni yesehlakalo.

Indodakazi kaCoetzee, uPieter jr, walimala kanzima.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 17-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-28°C Showers early. More sun than clouds. Warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...