Ukweleta izigidi umasipala
2012-09-25 16:32
Johannesburg - UMasipala waseBushbuckridge ukweleta imali elinganiselwa ku-R260 million
yezindleko zamanzi, kusho uMnyango wezokuBambisana noHulumeni eMpumalanga.
"Umasipala usuqalile ukukhokha lesi sikweletu, ube nesivumelwano nebhodi eyengamele izikweletu," kusho isitatimende soMnyango.
"Umasipala uqale ngokukhokha uR5 million esikhathini esiyinyanga, ngenhloso yokunciphisa isikweletu."
Isikweletu lesi kuthiwa siholele ekutheni kuphazamiseke ukuhanjiswa kwamanzi ezindaweni ezithelelwa yilo masipala, izindawo ekuthiwa zithole amachaphazelo zihlanganisa iLillydale, Casteel, Acornhoek kanye neHluvukani.
Ngenyanga kaMeyi abahlali baseLillydale babamba umbhikisho bekhala ngakho ukungabi khona kwamanzi ahlanzekile, kwagcina kuboshwa abantu abayisishiyagalolunye abashisa izinsiza zikamasipala ngesikhathi kubhikishwa.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).