Ukuzala ukuzelula - Ogwaziwe

2012-11-06 10:01

Johannesburg- Ubonga indodana yakhe eneminyaka engu-12 ubudala ubaba waselokishini laKwaDwesi, ogwazwe amanxeba ayisishiyagalolunye ngumuntu ongaziwa.

UThembinkosi Masele, 47, uthi ngabe ukobandayo ukube indodana yakhe uSiyabonga Nogaya, akagijimanga wayobiza omakhelwane bazosiza.

“Ngempela ngabe ngifile manje ukube akangisizanga, bengiphuzile ngaya ekhaya ngiyolala. Ngezintathakusa ngizwe umuntu engena ngewindi wase engigwaza amanxeba amaningi ephindelela,” ezikhulumela.

Ubaba lona utshele iphephandaba iDaily Sun wathi indodana yakhe iqale yashaya isigilamkhuba ngensimbi ekhanda, yase ihamba iyofuna usizo.

Umfanyana uthe ubelele ngesikhathi ezwa uyise ezama ukubaleka, uthe uzame ukumemeza ecela usizo kodwa kwangaba khona muntu ozwayo.

“Umuntyu obehlasela ubefuna ukubulala ubaba, ngimshaye ngensimbi, wangikhahlela esifubeni. Ngikwazile ukubaleka ngayocela usizo komakhelwane."

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Andre Beetge uthe umphakathi ushaye wabulala umuntu obesolwa ngokugqekeza imizi ehlome ngommese.

Akekho umuntu oboshiwe okwamanje.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-27°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 14-21°C Passing showers. Partly sunny. Mild. Bloem: 14-22°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Dbn: 20-29°C Rain late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Showers late. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...