'Ukuqokwa kukaMotlanthe ngeke kumphazamise uZuma'

2012-12-06 16:40
Yabelani Shicilela

Polokwane - Ukuphakanyiswa kwegama likaSekela Mengameli uKgalema Motlanthe, eLimpopo, angeke nakancane kumphazamise uMengameli uJacob Zuma emizamweni yokugcina isikhundla sakhe, kusho umhlaziyi wezombusazwe u-Elvis Masoga.

“Muncane kakhulu umthelela ozoba khona ekuphakanyisweni kwegama likaMotlanthe.”

"UZuma igama lakhe liphakanyiswe ezifundazweni eziyisithupha kanti elikaMotlanthe liphakanyiswe ezifundazweni ezintathu kuphela,”

ELimpopo, uMotlanthe uthole amavoti angu-268, kwathi uZuma wathola ayisikhombisa kuphela.

Kubonakale abalandeli bakaMotlanthe bejabulelea ukuphakanyiswa kwegama lakhe, abanye babo bakhulume bathi bebengafuni ukuthi uZuma awine ngoba waxosha umholi wophiko lwentsha uJulius Malema.

I-ANC izobamba umhlangano wokuqokwa kobuholi beqembu, eMangung, kungekudala.
 




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 10-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 10-18°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 5-22°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 16-23°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...