Ukuphawula kukaManyi kuyasikhathaza: Cosatu
2011-03-02 17:08
Johannesburg - Ukuphawula kukalowo okhulumela uhulumeni ngokuthi agcwele ngokweqile amaKhaladi eNtshonalanga Koloni, kuyasikhathaza ekutheni ufanele yini ukuba sesikhundleni akuso, kusho okhulumela umfelandawonye wezinyunyana iCongress of SA Trade Unions (Cosatu) kulesiya sifundazwe uTony Ehrenreich ngoLwesithathu.
I-Cosatu ithi ikholwa ukuthi ukuziphatha kanye nokuphawula kukaManyi, nakwenza esengumqondisi jikelele eMnyangweni wezabaSebenzi, kungase kube nomthelela ekwenziweni kwezinguquko emthethweni i-Employment Equity Act (EEA).
"I-Cosatu ifuna kube nophenyo ngendlela uJimmy Manyi aziphathe ngayo njengoba eyisikhulu esisebenzela umphakathi."
- SAPA