Ukugwaza nokuphawula kwethu akuxhumene: Cosas

2011-03-18 11:57

Johannesburg - Akukho ukuxhumana mayelana nesigameko somfundi ogwaze uthisha eSoweto kanye nokuphawula okwenziwe iCongress of SA Students (Cosas), kusho le nhlangano ngoLwesihlanu.

"Cha, akuxhumene ukuphawula kwami ekutheni abafundi baziphindiselele uma othisha bebashaya kanye nesigameko sokugwazwa kukathisha," kusho uSihlalo weCosas eGauteng uNtsako Mogobe.

"Angikaze ngithi abafundi mabasebenzise isihluku kothisha," esho.

Esithangamini sabezindaba ePitoli ngoLwesithathu, uMogobe wacashunwa ethi: "Siyalela bonke abafundi ukuthi baziphindiselele uma othisha bebashaya."

Kungakapheli ngisho izinsuku ezimbili esho la mazwi, umfana oneminyaka engu-17 ubudala ugwaze uthisha wakhe esiswini wabaleka, kodwa wabanjwa waboshwa sekudlule isikhashana eDobsonville.

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-15°C Sunny. Cool. Bloem: 2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-22°C Mostly sunny. Mild. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...