Ukhathazekile onganikwa ama-ARVs
2012-10-29 12:09
Johannesburg - UMogomotsi Segaecho waseRoodepoort, eWest Rand, uthi usabela impilo yomntwana wakhe ongakazalwa njengoba isibhedlela sinqabe ukumnika imishanguzo ethithibalisa igciwane lengculaza.
USegaecho unezinyanga ezinhlanu ezithwele, uthi usebe yisiguli saseHelen Joseph Hospital, kusukela ngonyaka ka-2009, ngoLwesine uthi uye esibhedlela elande imishanguzo kodwa wanganikwa kwathiwa akaye kwesinye isibhedlela.
“Ngafika esibhedlela ngabo-12:30 kodwa ngaze ngathola usizo ngemuva kuka-14:00. Banginika incwadi bethi angiye kwesinye isibhedlela, ngayinqaba," echazela iDaily Sun.
“Isibhedlela iHelen Joseph yisona esiseduze nala ngihlala khona, sengihlale isonto lonke ngaphandle kwemishanguzo."
Lona wesifazane uthi wesabela ukuthi angase asulele ngegciwane usana lwakhe olungakazalwa.
Isikhulu esibhedlela iHelen Joseph, uGladys Bogoshi uthe kumele lesi siguli sibuyele esibhedlela sizothola imishanguzo.
- Thola ezinye
izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho
- Thola izindaba zeDaily Sun
kuFacebook
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Daily Sun