Ukhale ngezimali uCalitz

2013-01-30 14:05

Pretoria - Akanayo neyokukhokhela ummeli uDebbie Calitz, owasinda ekade ethunjwe ngabaduni bemikhumbi baseSomalia, kusho ubufakazi eNkantolo yesiFunda eHatfield, ePitoli.

UCalitz utshele iMantshi uKenneth Chauke wathi angeke esasebenzisana nommeli wakhe uLatham Dixon.

“Anginayo imali yokumkhokhela. Ngidinga isikhathi sokuthi ngithole omunye ummeli," ezikhulumela.

UChauke uphendule wathi: “Nkosazana asikho isikhathi, unelungelo lokuba nommeli ozikhethele wena. Uma ungenayo imali, ungamthola ummeli wamahhala. Angeke ukwazi ukubambezela inkantolo ngokuthi uyitshele ukuthi uyoze uthole ummeli ngoDisemba," kusho imantshi egcine ihlehlisa icala ilihlehlisela umhlaka-22 Febhuwari.

UChauke uthe uma uphenyo lungaphothuliwe kuze kubuyelwa enkantolo, icala lizosulwa emabhukwini.

Umsolwa waboshwa ngamaphoyisa ngesikhathi esemzini othize eConstantia Park, kuqhubeka iphathi ekwabe kunezidakamizwa kuyo.

Amaphoyisa ashaqa insangu nama-magic mushrooms.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Usesejele uPistorius

Emizuzwini eyi-18 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...