Ukhale ngaphansi ecaleni u-Okah

2013-01-21 14:03
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Lowo ongumshokobezi nodabuka eNigeria uHenry Okah utholakale enecala lokuba ngungqondongqondo esigamekweni lapho izimoto ezimbili ezazihlohlwe ngamabhomu zaqhuma e-Abuja, kusho iNkantolo eNkulu yaseGoli ngoMsombuluko.

Ethula isinqumo kuleli cala, iJaji Neels Claassen uthe uMbuso ukwazile ukuletha ubufakazi obutshengisa ukuthi impela u-Okah unecala.

UClaassen uthe ukuhluleka kuka-Okah ukwethula ubufakazi kusho ukuthi ubufakazi abuphikiswa muntu.

Kulesi sigameko kwashona abantu abangu-12 kwathi abangu-36 balimala, ngo-Okthoba 2010 lapho iNigeria yayigubha khona usuku eyathola ngalo uzimelegeqe.

Kuthiwa uhola iMovement for the Emancipation of the Niger Delta, neyaphumela obala ngalokhu kuhlasela.

Utholwe enecala lokuzihlanganisa nezigameko zobushokobezi, ukwakha itulo lobushokobezi, ukudiliva nokucupha amabhomu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 11-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Showers late. Morning clouds. Mild. PE: 11-20°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...