Ukhala ngesangoma sokufika athi simqole R200 000

2014-11-05 12:30

Durban - Kuduma ikhanda kowesilisa waseMgungundlovu othi uqolwe yisangoma imali elinganiselwa ku R200 000, kubika abezindaba ze-Eyethu.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aseMgungundlovu uCaptain Zenzele Ndlovu, ukuqolwa kwalona wesilisa kuqale ngonyaka ka-2012, ngesikhatih ezama ukuzelapha egula.

“Ngesikhathi egula ngonyaka ka-2012, wavakashela isangoma sokufika ebesisebenzela kuRetief Street, eMgungundlovu.  Waqala ngokukhokha u-R46 000, etshelwa ukuthi uhambisana neminyaka yakhe,” kuchaza uKapteni Ndlovu.

Funda nalolu daba: Kuboshwe isangoma mbumbulu eGoli

Ngokwesitatimende samaphoyisa le ndoda ithi emva kokukhokha lo-R46 000, isangoma sabe sesiyinika umuthi owenza ukuthi ixhumane namadlozi ayo abe eseyiyalela ukuthi iphinde ikhokhe enye imali uma ifuna izinhlanhla.

"Ummangali waqhubeka nokufuna usizo esangomeni, wakhokha enye imali engu-R45 000, waqhubeka nokukhokha ekhokhile.

Mhlaka-15 Okthoba, indoda ithe ibuyela la kusebenzela khona isangoma, yafika kukhala ibhungezi.

Abaseshi baseMgungundlovu bacela noma ngabe ubani ongaba nolwazi mayelana nalolu, awathinte ngokushesha, acele uDetective Sgt WM Ntombela  ku-033 845 2772 okanye kumakhalekhukhwini wakhe ku -072 884 9124 noma uLieutenant Colonel Naresh Nandhlal  ku-079 696 3712 /033 845 2745.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-16°C Sunny. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-19°C Sunny. Mild. Bloem: -5-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Sunny. Cool. PE: 10-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...