Ukhala ngesangoma esamqola u-R19 million

2013-02-26 12:02

Johannesburg - Ngesikhathi ebona ukuthi uwine ngaphezulu kuka- R19 million weLotto, kodwa konokuba abe ngocebile, uphinde walahlekelwa ngu-R30 000 awunike usathane wesangoma.

Kudala uWilliam Gulwa, 60, waseTshwane wayezwa ubuhlungu eqolo waya esangomeni eNigel, eKurhuleni.

Isangoma asigcinanga ngokumnika umuthi, kodwa sathi singamsiza nangeLotto.

"Sangitshela ukuba ngithenge amathikithi amahlanu eLotto,” kusho uWilliam.

“Ngenza njengokusho kwaso, kodwa nganga wina.”

UWilliam wadumala kodwa isangoma sathi angadikibali.

“Kulokhu sangitshela ukuthi ngithenge amanye amathikithi amane – nangempela ngayibamba,” kuqhuba uWilliam.

“Ngathatha ithikithi ngayanalo esangomeni. Salithatha ithikithi sangitshela ukuthi ngilethe u-R30 000 ukuze sizithokozise sibonge nabaphansi.”

“Ngenze njengokusho kwaso isangoma, ngasinika imali engango-R30 000 – kodwa kuthe uma sengiphindela kusona ukuze phela sibungaze, isangoma asisabonwa, sesiye KwaZulu-Natal,” usho kanje.

“Lowo osebenzisana nesangoma wathi uzongisiza ngithole ithikithi lami kanye nemali kodwa lokho kuzongidla ephaketheni.”

Okhulumela abakwaGidani uThembi Tulwana, ukuqinisekisile ukuthi impela yaba ngu-R19 680 776 imali eyabanjwa ngomhlaka-26 Septhemba 2012.

Okhulumela amaphoyisa aseNigel uWarrant Officer Madeleine von Wielligh uthe abophiko oluphenya ngamacala ahlobene nobugebengu eNigel baphenya ngecala lokweba.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Showers early. More sun than clouds. Cool. Pta: 8-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-13°C Sunny. Cool.
Dbn: 11-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...