Ukhala ngamanesi ayenqaba ukuthi abone uyise

2012-11-29 10:02
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Kwagcina ngokumanela umkhulu oneminyaka engu-70 ubudala obeguliswa wumdlavuza ohlobene nomphimbo, ushona nje usedlule ezinhlungwini ezinzima ehleli esibhedlela iMatikwane, eHazyview, eMpumalanga, njengoba imibiko ithi isibhedlela siphelelwe yimithi yokuthithibalisa lesi sifo.

Indodana kamkhulu uGary Fine, 40, uthe ubehlala ngaphandle kwegumbi abukele ubaba wakhe eshukwa yizinhlungu, uthe amanesi abenqaba ukuthi angene abone ubaba wakhe, uthe ubevunyelwa kuphela ngezikhathi ezivunyelwe izivakashi, kusho umbiko wephephandaba iBeeld.

Ngemuva kwezinyanga ezimbili kwashona uBarnett Fine, abenhlangano i-Organisation Campaigning for Cancer, bafaka isikhalazo kuhulumeni, bekhala ngempatho kaFine, bethi akalaphekanga ngenxa yokushoda kwemithi esibhedlela.

Uhulumeni ubengakaphenduli okwamanje.

"Wayesalelwe yisikhashana emhlabeni, kwaphoqeka ukuthi ngiphume ngimshiye. Amanesi awazange enze lutho ukuzama ukumsiza," kusho uFine ngoLwesithathu.

"Ngangihlezi ngaphandle kwewindi, ngimuzwa ephefumulela phezulu. Ngesikhathi eshona wayengaxhunywe ngisho ipayipi le-drip," esho.





 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-20°C Sunny. Mild. Bloem: 9-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 15-22°C Showers late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...