Ukhala ngabezindaba uJub Jub

2012-12-05 14:02

Johannesburg - Umculi olahlwe ngamacala okubulala abafundi uMolemo "Jub Jub" Maarohanye utshele iNkantolo yaMantshi eProtea wathi icala lakhe kukhulunywe kakhulu ngalo kwabezindaba, kwadukiswa umphakathi.

"Icala lingenwe kakhulu ngabezindaba, badukisa abantu," kusho uMaarohanye, olindele ukuthi agwetshwe.

"Okuningi okukhulunywe ngabezindaba akulona iqiniso - nabo bayakwazi lokho."

Lona utshele inkantolo ukuthi abezindaba bafafaza ukuthi ubedakiwe futhi weyedle izidakamizwa, besho lokhu engakahlolwa nokuhlolwa.

Ngo-October 16, iMantshi uBrian Nemavhidi wathola uMaarohanye nomngani wakhe uThemba Tshabalala, benamacala amane okubulala, amabili okuzama ukubulala, elokusebenzsa izidakamizwa, ukubekelelana ngezimoto emgwaqeni womphakathi.

UMaarohanye uqhubeke watshela inkantolo ukuthi akaze alinikwe ithuba lokuxolisa emindenini yabafana abashona.

Umshushisi uRaymond Mathenjwa, wabuza lo mculi ukuthi kungani aqamba amanga wathi akaze azisebenzise izidakamizwa kodwa wakwazi ukutshela usonhlalakahle ukuthi wasebenzisa i-ecstasy.

Kuyaqhubeka ukulalela enkantolo.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 5-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-27°C Sunny. Warm. PE: 10-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...