Ujoyine i-DA uBalindlela

2012-11-13 16:25

Johannesburg - Owabe eseqenjini iCongress of the People ngemuva kokuba nguNdunankulu wase-Eastern Cape, ngesikhathi eku-African National Congress, uNosimo Balindlela, usejoyine iqembu eliphikisayo iDemocratic alliance, kusho umholi weqembu uHelen Zille.

"Egameni le-DA, ngithokoze kakhulu ukwamukela uNosimo Balindlela eqenjini lethu," kusho isitatimende sikaZille.

UBalindlela ufake incwadi yokwesula eqenjini iCope, washiya nesihlalo sakhe ePhalamende, kulindeleke ukuthi asayine incwadi yobulungu be-DA, bese amukela ikhadi lakhe kumholi weqembu e-Eastern Cape u-Athol Trollip.

UZille uveze ukuthi uneminyaka azana noBalindlela, uthi umazi njengomuntu onesizotha nezimiso ezinhle futhi ozimisele ukubona iNingizimu Afrika iqhubekela phambili.

Uqhubeke wathi abantu abaningi abafana noBalindlela, bakhathele ukubona uqhekeko olukhona kwezombusazwe.

"Ngithathe leli gxathu ngoba ngikholwa wukuthi i-DA iyikusasa," kusho uBalindlela etshela abezindaba.
 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

UMeyiwa akalalanga uguqe ngamadolo

Emizuzwini eyi-6 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-26°C High level clouds. Warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...