Uhulumeni wenze iphutha waholela abangasasebenzi

2013-02-19 10:02

Durban - Uhulumeni waKwaZulu-Natal wenze iphutha wakhokha isamba esingu-R77 million, ekhokhela abantu abangasasebenzi, lokhu kwenzeke onyakeni wezimali owedlule, kusho umbiko wephephandaba iMercury.

Uhulumeni usakwaze kuphela ukubuyisela emuva u-R18.6 million, kusukela ngo-Ephreli 2011 kuya ku-Ephreli 2012.

Iminyango eyenze leli phutha ihlanganisa uMnyango wezeMpilo nowezeMfundo.

UNdunankulu wesifundazwe uZweli Mkhize uveze lezi zindaba ngesikhathi ephendula ilungu leDemocratic Alliance uGeorge Mari.

Umkhulumeli kaMkhize uNdabezinhle Sibiya uthi ziyaqhubeka izinhlelo zokuzama ukubuyisa le mali, abantu abakhokhelwa angeke babekwe amacala ngoba abahlangene naleli phutha.

Yize noma abanye babazi ukuthi bahola kungafanele kodwa bangabika, angeke bavulelwe amacala.

USibiya uthi abantu abakade behola yilaba abase bethathe umhlalaphansi abanye baphelelwa yizinkontileka zomsebenzi kanti abanye bashona.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 4-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-13°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-9°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-19°C More sun than clouds. Cool. PE: 10-18°C Rain showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...