Uhulumeni waseKZN akakhokhele izisulu - Inkantolo

2012-12-05 16:43

Durban - UNdunakulu waKwaZulu-Natal uZweli Mkhize ekanye noNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha uWillies Mchunu, kumele banxephezele abantu abasinda engozini yetekisi, eyadalwa wumgwaqo ongamuhle, kusho isinqumo seNkantolo eNkulu eMgungundlovu.

IJaji uJan Combrink uthe imigodi egcwele imigwaqo iphoqa abashayeli ukuthi bangene emzileni ongafanele ngoba bezama ukuyigwema.

Asikanqunywa isamba ekulindeleke ukuthi sikhokhelwe izisulu, ingozi yenzeka ngoDisemba ngo-2004, eGreytown.

Umshayeli wetekisi uJabu Langa, wethule ubufakzi ethi wayeshayela kulomgwaqo zonke izinsuku, ethi unezitamukoko ezivulekile yonke indawo.

ULanga uthe kuze umuntu ezokwazi ukushayela kahle, uyaphoqeleka ukuthi angene emzileni wezimoto aphambana nazo, uthi ngelanga le ngozi waphazamisana neveni, waphoqeka ukuthi aphonse imoto esitamukokweni esivulekile.

Itekisi yaginqika kwalimala abagibeli abangu-12.






 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 3-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-25°C Sunny. Mild. PE: 15-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...