Uhulumeni uzwa ngoba sekunodlame - Umphakathi

2012-11-16 10:02

Johannesburg - Uhulumeni uthole ukugxekwa ngesikhathi kunokulalelwa kwezimvo zomphakathi mayelana nodaba oluthinta ama-etolls, umphakathi uthi uhulumeni ulalela kuphela ngoba umphakathi usuqale udlame.

"Nisebenzisa izindlela eziyingozana ukuzama ukusiphoqa ukuthi sivumele ama-etolls. Uhulumeni ubashaya indiva abantu uma bengakawashisi amathayi emgwaqeni futhi bengakahlaseli nezimoto," kusho omunye obehambele lo mhlangano obuhlelwe nguMnyango wezokuThutha ukanye nenkampani iSA National Roads Agency Limited.

Ngenyanga eyedlule uhulumeni kanye neSanral bamemezela amanani amasha azokhokhwa ngabashayeli emigwaqeni emikhulu yaseGauteng.

Isimemezelo senziwa mhlaka-30 Okthoba, ngaphambi kokuthi kuqale uhlelo lokulalelwa kwezimvo zomphakathi, ngaphambi kokuthi uNgqongqoshe woMnyango uBen Martins athathe isinqumo esingujuqu.

Abashayeli bangase baqale ukukhokhela le migwaqo, ezinsukwini ezine ngaphambi kokuthi kube nguKhisimusi.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-18°C Sunny. Mild. Pta: 3-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 0-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -1-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-19°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-17°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...