Uhulumeni uyalwa nenkohlakalo - Zuma

2013-02-15 12:03

Johannesburg - Uhulumeni wenza yonke imizamo ukuqinisekisa ukuthi uyalwa nenkohlakalo, kusho uMengameli uJacob Zuma ngoLwesihlanu.

"Ngokuqonda kwami, kwenziwa konke ukuqinisekisa ukuthi kuyaliwa nenkohlakalo. Uma ubhekisisa emhlabeni, ambalwa amazwe akwazi ukukhuluma ngenkohlakalo ngokukhululeka, lokhu akusho ukuthi yingoba ingekho. Kubikwa ngayo kakhulu kuleli, ngoba sikhululekile ukukhuluma ngayo," kusho uZuma esidlweni sasekuseni esihlelwe yiphephandaba iNew Age.

"NgoLwesine (izolo) ngikhulume kakhulu ngezinhlelo ezikhona ezibekelwe ukulwa nenkohlakalo. Sikhuluma nangezinto ezithinta amathenda, mayelana nokuthi kwenziweni kuze kuzoliwa nenkohlakalo."

UZuma uthi iningi inkohlakalo eqhubeka nesezinkampanini ezizimele, uthi abantu baseNingizimu Afrika bacele ukuthi uhulumeni alwisane nenkohlakalo.

Uthi ezintweni eziningi eziceliwe, uhulumeni uvele useyazilandela.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-25°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 8-20°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 5-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-24°C Morning clouds. Mild. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...