Uhulumeni uyakhala ngodlwengulwe eW Cape

2013-02-07 12:04

Johannesburg - Uhulumeni uzwakalise ulaka kwakhe ngokudlwengulwa kubulawe intombazane eneminyaka engu-17 ubudala, yaseBredasdorp, eWestern Cape.

"Kuyakhathaza ukuthi indaba yokudlwengula isiqala ukuba yinjwayelo. Angeke lokhu sikuvumele kuqhubeke," Kusho isikhulu esiphezulu kwaGovernment Communication and Information Systems (GCIS), uPhumla Williams.

"Umphakathi kumele ushintshe indlela ocabanga ngayo mayelana nenhlonipho nokuhlonishwa kwezimpilo zabantu kanjalo nesithunzi sabo. Abantu abahlukumeza izingane abanandawo kuleli laseNingizimu Afrika."

UWilliams uthi kubalulekile ukuthi umphakathi usize ekuvikelweni kwezingane.

Umbiko wephephandaba iDie Burger uthi unogada wafica u-Anene Booysen, elele eqeleni eBredasdorp, ngoMgqibelo ekuseni, elimele kambi.

UBooyseni walinyazwa kambi wadlwengulwa, wagcina ngokushonela esibhedlela iTygerberg.

Wathi eshona wabe esechaze umdlwenguli wakhe, okungumsolwa oneminyaka engu-22 ubudala, okumanje uboshiwe kanye nabanye abasolwa, babhekene necala lokudlwengula nokubulala.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ukhala ngobuhlaza bamanesi obesikwa

Emizuzwini eyi-39 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. Pta: 6-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 2-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-23°C Showers late. More sun than clouds. Mild. PE: 9-19°C Showery. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...