Uhulumeni usazongenelela eLimpopo - Gordhan

2012-10-17 10:01
Yabelani Shicilela

Johannesburg - UNgqongqoshe woMnyango wezeziMali uPravin Gordhan uthi kusasekuseni kakhulu ukuthi uhulumeni angama ukufaka unyawo odabeni lwezimali zasesifundazweni iLimpopo, yize noma isifundazwe sinezinkonondo ngalokhu.

UGordhan utshele ikomidi lezezimali ePhalamende wathi kunomkhutshana okhona, ekuzanywa ngawo ukuvimba uhulumeni ekutheni angenelele, esho etshela iphephandaba iBusiness Day.

"Nakanjani laba abathola izimali ngemigudu engaqondile, bazozama ukwenza okuthile ukuphazamisa uhulumeni, ngoba nakhu izimali lezi zingasangeni," kusho ungqongqoshe.

UNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo esifundazweni uNorman Mabasa, naye wazwakalisa ukukhathazeka ngokungenelela kukahulumeni kazwelonke.

Uhulumeni kazwelonke wahlonza imiNyango emihlanu athi kumele angenelele kuyo, lokhu kulandela ukuthi isifundazwe sisebenzise seqisa imali esabe siklanyelwe yona.

UMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela, wakhipha umbiko ethi isifundazwe besikade sikhipha amathenda singalandeli imigudu eqondile.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone abahlanu engozini eFree State

Emizuzwini eyi-44 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C High level clouds. Mild. Pta: 12-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 11-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 17-21°C Increasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...