Uhulumeni ukhalisa abakhahlamezekile
2012-12-12 16:25
Johanesburg - Uhulumeni usezwakalise ukuphatheka kambi ngokwenzikile, kuhlukumezeka abantu, ngenxa yezivula ezihlasele kakhulu eKwaZulu-Natal naseMpumalanga.
Ohulumeni bezifundazwe kanjalo nomasipala bamatasa bazama ukukwelekelela abantu abakhahlamezekile, kusho isitatimende sakwaGovernment communications and information systems.
"Ithimba elihambisa usizo limatasa ezifundazweni ezihlaselekile. Siyacela umphakathi uhlale uqaphele, ikakhulukazi ezindaweni ezakhelene nemifula.”
Isikhulu esibambile kwa-GCIS uPhumla Williams, uncome ithimba elihamnisa usizo, wathi lisukumele phezulu ngesikhathi lidingeka.
Okungenani abantu abangu-24 bashonile njengoba bekuqhubeka imvula eKZN naseMpumalanga, abanye abathathu babikwe eMahikeng, eNorth West.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).