Uhulumeni ukhala ngodlame lwamatekisi eThekwini

2013-02-21 14:02

Durban - Izikhulu eMnyangweni wezokuThutha KwaZulu-Natal zisebenzisana nozakwabo esifundazweni e-Eastern Cape, ngenhloso yokulwa nodlame lwamatekisi okuqhubeka eThekwini, kubika iNewswatch.

Lokhu kuza ngemuva kwesehlakalo sokudubula esenzeke ngoLwesine, kwashona owesilisa nowesifazane, kwalimala abanye abathathu.

UMnyango uthi ukudubula kusukela ekuphambaneni kwemibono phakathi kosomatekisi base-KZN nabase-EC, zombili izinhlaka zalahlekelwa yizimvume zokuthi ziqhubeke nomsebenzi ngonyaka owedlule.

UNgqongqoshe woMnyango eKZN uWillies Mchunu uthi usekhulume noMasipala weTheku, wathi kumele ivalwe thaqa irenki yakuWarwrick Avenue, la kuqhubeka khona impi.

Ungqongqoshe uthi angeke ibekezelelwe impi yosomatekisi, uthi akwamukelekile neze ukubulawa kwabantu emini libalele, ngenxa yodlame lwamatekisi.

UMchunu uthi impi yosomatekisi ibeka engcupheni abantu abaningi, wathi ucela kube nokuthula.

Ube esencoma amaphoyisa ngokuboshwa kwabasolwa ababili, kulandela isehlakalo sangoLwesithathu.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Mild. Pta: 4-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Cool. Bloem: 1-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-26°C Sunny. Mild. PE: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...