Uhulumeni kumele unxephezele abantu - NFP

2012-11-14 14:01

Johannesburg - Uhulumeni wesifundazwe iGauteng kumele unxephezele imindeni edilizelwe izindlu ngoba yakhe ngokungemthetho emhlabeni wawo, kusho umholi weNFP uZanele Magwaza-Msibi ngoLwesithathu.

Umholi weNational Freedom Party uthe ukudilizwa kwezindlu okwenzeke eLenasia, eningizimu yeGoli, kufana ncamashi nokwakwenzeka ngesikhathi sobandlululo.

"Akukholakali ukuthi kulesi sikhathi sanamhlanje abantu bangasuswa ngale ndlela banganikwa ngisho indawo yokufihla ikhandla," usho kanje esitatimendeni.

Kunokuba adilize izindlu, kumele uhulumeni wesifundazwe abhekane ngqo nezikhulu zikamasipala ezenza inkohlakalo.

Zilinganiselwa ku-50 izindlu ezidiliziwe ngesonto eledlule.

Uhulumeni wesifundazwe kanye nomnyango wezezindlu bathe zingaphezulu kuka-100 izindlu ezisazodilizwa kuleli sonto.

Umnyango uthi izakhamizi zakhe kulemdawo nakuba zaxwayiswa ukuba zingakhi.

I-SA Human Rights Commission isifake lolu daba eNkantolo eNkulu yaseGoli.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Mild. Pta: 4-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Cool. Bloem: 1-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-26°C Sunny. Mild. PE: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...