'Uhulumeni akayinakile eyokubulawa kwabalimi'

2012-11-27 14:03

Johannesburg - Ukubulawa nokuhlaselwa kwabalimi kuleli kuyakhathaza kanti kumele kuthathwe njengesihlava esihlasele leli lonke, kusho iSolidarity Research Institute (SRI) ngoLwesibili.

"Lezi zigameko kumele zisukunyelwe futhi zikhuzwe ngoba zibukeka zanda kuleli," kusho i-SRI embikweni ewuchibiyele ngokuhlanganyela nabanye ochwepheshe.

Lo mbiko uyingxenye yomkhankaso omelene nokubulawa kwabalimi oqhutshwa yiSolidarity, i-SRI, i-Afriforum neKraal Uitgewers.

Ephawula ngalo mbiko, lowo oyisekela likaNobhala kuSolidarity uDirk Hermann uthe uhulumeni "iyadembesela" ngokungalusukumeli lolu daba lokuhlaselwa kwabalimi kanjalo nokuyiswa kwabo kwagoqanyawo.

"Uhulumeni ukushaya indiva ukumemezela ukuhlaselwa kwabalimi njengobugebengu obuhamba phambili, ngoba uhulumeni uthi kunjengazo zonke izigameko zokubulawa kwabantu," esho.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 14-22°C Morning clouds. Cool. PE: 16-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...