Uhulumeni akasukumele ukugula kwezimbongolo - DA
2013-01-02 15:06
Cape Town - Iqembu iDemocratic Alliance, e-Eastern Cape, lithi kumele uhulumeni wesifundazwe asukumele indaba yokugula kwezimbongolo.
Zingu-20 izimbongolo esekubikwe ukuthi zifile endaweni yaseKomga, iseKei Mouth naseMorgan's Bay.
Kunokwesabela ukuthi lokhu okubulala izimbongolo kungase kusabalale nesifundazwe, bese kuthikamezeka umnotho.
Okhulumela i-DA uJohn Cupido uthe: “Abantu basebenzisa izimbongolo ukuthutha umthwalo nokuqhuba eminye imisebenzi. Uma kunegciwane elikhona, lingase lisabalale kalula.”
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24