Uhlonziwe owashona ekhonsathini

2012-11-09 10:01

Cape Town - Imenenja yehhotela laseWaterfront uFlorentina Heaven Popa, uhlonzwe njengomufi owaphangalala ngesikhathi kuwa isikafula ekhonsathini ebibanjelwe enkundlleni yezemidlalo eKapa.

Iphephandaba iCape Times libike lathi uPopa, 32, ongowokudabuka eRomania, wafika eKapa eminyakeni eyisithupha eyedlule, ubesebenza njengemenenja esaqeqeshwa ehhotela i-One&Only, eWaterfront.

UPopa ushone ngemuva kokuthola amanxeba amambi, abanye abantu abangu-20 balimala kule nhlekelele.

Abantu abaningi bebehambele ikhonsathi yebhendi yaseMelika iLinkin Park, ngoLwesithathu ebusuku, kuthiwa umoya onamandla yiwo oholele ekuweni kwesikafula.

IMeya yedolobha uPatricia de Lille, utshele iphephandaba wathi kuzokwenziwa uphenyo olunzulu, ukuzama ukuthola imbangela yokuwa kwesikafula.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 4-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-13°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-9°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-19°C More sun than clouds. Cool. PE: 10-18°C Rain showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...