Uhlonziwe oshone ewa eweni

2013-02-07 10:02

Cape Town - Uhlonzwe kwathiwa nguDawnsy Mieny waseFefferys Bay, owesifazane waseKapa owe kabi washona, ngesikhathi eshelela eweni ezama ukulwa nesigebengu, kusho iphephandaba iCape Argus.

UMieny, 47, usebenzela inkampani yezingubo yakwaBillabong, kanti ubehambele kuleli dolobha ngenhloso yokuya ekhonsathini yeRed Hot Chili Peppers, ehamba nendodakazi yakhe.

Indodakazi kamufi itshele iphephandaba yathi bathathe indlela enqamulelayo, beya enkundleni ekubanjelwe kuyo ikhonsathi, ithi babe sebehlaselwa yindoda ebiphethe ummese, yahlwitha isikhwama sikanina.

Indodakazi ithi unina uzama ukulwa nesigebengu.

"Angazi kube sekwenzekani, ngicabanga ukuthi uwile washelela egqumeni," kulandisa indodakazi.

Umbiko wamaphoyisa uthi isigebengu sibaleke nesikhwama, intombazane isale ingenamyocu.

Sekuqalwe ukuphenywa ngecala lokubulala kanti bekungakaboshwa muntu.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-18°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 12-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...