Uhlonziwe oshone eDe Doorns
2013-01-16 10:01
Cape Town - Owesilisa oshone ngemuva kwezinsolo zokuthi udutshulwe ngezinhlamvu zenjoloba eDe Doorns ubengeyona ingxenye yesiteleka sabasebenzi basemapulazini, kusho umbiko ngoLwesithathu.
Iphephandaba iCape Times libike ukuthi uLetsekang Thokoene, 23, ubesebenza espaza eDe Doorns, ngaphambi kokuthi adutshulwe ngoMsombuluko ngesikhathi kunesiteleka samaholo.
Umndeni wakhe ose-Eastern Cape wazisiwe ngokushona kwakhe.
Amaphoyisa aseWestern Cape athi uThokoene ushonele esibhedlela kanti i-Independent Police Investigative Directorate izophenya ngokudlula kwakhe.
Abasebenzi basemapulazini bangena esitelekeni ngonyaka odlule befuna ukunyuselwa amaholo esuka ku-R69 abe ngu-R150 ngelanga.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA