Uhlelo olusha komasipala e-EC
2012-07-19 14:07
Johannesburg - Uhulumeni esifundazweni i-Eastern Cape iusethule uhlelo oluzosesetshenziswa ukulandela izinkinga abantu abakhalaza ngazi ngomasipala besifundazwe.
"Siqhamuke nalolu hlelo ngenhloso yokusiza omasipala bakwazi ukulandelela izinkinga zabantu ngokushesha,"
kusho uNgqongqoshe woMnyango bezoHulumeni baseKhaya uMlibo Qoboshiyane.
"Ukuqalwa kwalolu hlelo kususwa yilukuluku lokufuna ukuqikelela ukuthi izinkinga lezi ezibikwa enombolweni kamengameli ziyalandeleka bese zilungiswa."
Ulayini kamengameli wethulwa ngonyaka ka-2009 ngenyanga kaSephthemba.
"Ulayini kamengameli usisizile ekutheni sikwazi ukulandelela izikhalo zabahlali, zilinganiselwa ku-2 301 izinkonondo esizamukelile, zingu-1 495 esikwazile ukuzixazulula ngendlela," kusho u Qoboshiyane.
Izinkinga eziningi kuthiwa ngezamanzi, ukuhanjiswa kwendle, ugesi kanjalo nemigwaqo engekho sesimweni.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).