Uhlelo lokuqeda ukukhuluphala emaphoyiseni

2015-03-12 12:33

Cape Town - Abakwa-South African Police Services (Saps) sebethule uhlelo lokuba kuliwe nesimo sokukhuluphala kwamaphoyisa.

Esikalini sikazwe lonke amaphesenti angu-76 amaphoyisa akhuluphele noma akhuluphele ngokweqile.

IPhini likaNgqongqoshe wamaPhoyisa uMaggie Sotyu wethule lolu hlelo lokubhekelela isimo sempilo emaphoyiseni ngoLwesithathu.

USotyu uthe izinga lokuqina emaphoyiseni liphansi ngendlela emangalisayo.

"Asikwazi ukuba namaphoyisa angamaphesenti angu-76 anenkinga yokukhuluphala. Akujwayelekile, kuyethusa,"

OLUNYE UDABA: Kuncengwa amaphoyisa ukuthi abuyele emsebenzini

USotyu ubekhuluma ohlelweni lwe-health and wellness lwamaphoyisa eGugulethu ngoLwesithathu.

"Njengomholi wamaphoyisa kufanele kube khona esikwenzayo ngoba angeke sikulindele ukuba amaphoyisa alwe nobugbengu uma singawanakekeli."

Ngokombiko wabe-Eyewitness News okunye okuyinkinga emaphoyiseni ukusetshenziswa kwezidakamizwa.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Thunderstorms. Mostly cloudy. Cool. Pta: 8-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-21°C Sunny. Mild. Bloem: 5-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Showers late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...