Uhlangane nabaholi uDlamini-Zuma

2012-08-01 14:06

Pretoria - USihlalo weKhomishana ye-African Union osanda kuqokwa uNkosazana Dlamini-Zuma usehlangane nabaholi bamazwe ase-Afrika kanjalo nohulumeni wakuleli eWaterkloof, ePitoli.

Kubonakale izimoto ebezithwele izikhulu ezihlanganisa uMengameli waseZambia uKenneth Kaunda, uJoaquim Chissano waseMozambique, uBakili Muluzi waseMalawi, uJohn Kufuor waseGhana kanye noMengameli uKarl Auguste Offman waseMauritius.

Umhlangano lona uyingxenye yomsebenzi kaDlamini-Zuma, omphoqa ukuthi ahlangane nabaholi ngaphambi kokuthi aqale ngokuksemthethweni umsebenzi wakhe ezindlwini zekhomishana e-Addis Ababa, e-Ethiopia.

Okhulumela uMnyango wezaseKhaya uRonnie Mamoepa uthe uDlamini-Zuma uzoqhubeka nomsebenzi womnyango kuze kuba kuqedwa zonke izimfanelo eziqondene nomsebenzi we-AU.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushiswe ingane ngamanzi abilayo

Emizuzwini eyi-6 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-21°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 15-31°C Tstorms late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 17-24°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...