Uhlalele ovalweni oduve esibhedlela

2013-01-10 13:02
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Angase agcine enqunywe umlenze umlisa waseBethal, eMpumalanga, oselinde izinsuku ezingu-19, kuze ezobonwa ngudokotela njengoba eguliswa yisifo sikashukela, kusho umbiko wephephandaba iBeeld.

UGeorge Earle, 52, usehlale izinsuku esibhedlela iMiddelburg Hospital kusukela mhlaka-22 Disemba.

Ngemuva kokunqunywa ubhozo, isilonda sabhibha kwadingeka abuyele esibhedlela, uthi watshelwa ukuthi isibhedlela sishoda ngemithi.

U-Earle utshele iphephandaba wathi isilonda sesikhulile futhi sinephunga elimbi, uthi unokwesabela ukuthi angase anqunywe kusukela eqakaleni kuya phansi.

"Kubuhlungu ngendlela eyisimanga. Ngezinye izikhathi ungathi inyama nje efile, engenamizwa. Bangitshele ukuthi ukhona udokotela ongase abe khona ngoLwesihlanu,” kusho u-Earle.

"Akukho esingakwenza, abekho odokotela,” kusho amanesi esibhedlela.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo esifundazweni uDumisani Mlangeni, uthe u-Earle, usohlwini lwabantu abazokwelashwa.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 13-23°C Passing showers. Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 9-18°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 10-21°C Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 16-19°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 11-20°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...