Uhambele eDe Doorns uJoemat-Pettersson

2012-11-13 16:24

Cape Town - UNgqongqoshe woMnyango wezeMvelo uTina Joemat-Pettersson uhambele epulazini eHex River Valley, eWestern Cape, ukuyokhuluma nababhikishi abathukuthele abasebenza kuleli pulazi lamagilebhisi.

Umkhulumeli wakhe uPalesa Mokomele uveze ukuthi ungqongqoshe uzokuba nomhlangano nezinhlaka ezimele ababhikishi eWorcester, bese edlula aye eDe Doorns, ukuyohlangana nabasebenzi.

Sekuphele isikhathi esiyisonto abasebenzi bebhikishela ukwenyuselwa amaholo, abafuna asuke ku-R69 ngosuku, abe ngu-R150.

Abasebenzi abaningi abangekho esitelekeni, kuthiwa bathole ukwesatshiswa, bayishumi abantu ababoshwe ngamaphoyisa, uMokomele uthe kuphenywa ngezinye izehlakalo zodlame lwababhikishi ekuke kwabikwa ngazo.

Amaphoyisa ayakuphika ukuthi ahlukumeze ababhikishi abakade bebhikisha ngoLwesibili ekuseni, umbiko uthi uMasipala waseWitzenberg, uhlanganisa umbiko ngezehlakalo zodlame eziqubuke kule ndawo ngenxa yemibhikisho.

Inhlangano emele abasebenzi i-Agri Wes-Cape, ithi kumele abanikazi bamapulazi basukume kungaze kushube kakhulu isimo, okhulumela inhlangano uCarl Opperman ucele ukuthi kube nokubonisana phakathi kwabaqashi banabasebenzi.

Inhlangano iBlack Association of the Agriculture Sector (Bawsi), igxeke abalimi yathi ababanakekeli absebenzi, kunjalo bathola ukwesatshiswa.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kugqekezwe emzini kaKrejcir

2014-08-20 18:16
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-16°C Rain showers. Mostly cloudy. Cool. Pta: 12-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 9-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 8-19°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 18-22°C Showers early. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-21°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...