Uhambele amajele omhlaba uNdebele

2012-10-02 16:41

Johannesburg - UNgqongqoshe woMnyango wezamaJele uSibusiso Ndebele uvakashele amajele aseCuba, Brazil naseMelika, ngenhloso yokufunda ukwenza kangcono emajele, kusho uMnyango wakhe ngoLwesibili.

UNdebele uphelezelwe nguKhomishana Jikelele eMnyangweni wakhe uTom Moyane, bahambele eHavana, eCuba, behlola inqubo yamajele, kusho isitatimende somkhulumeli wakhe uLogan Maistry.

"Izikhulu zaseCuba ziyakwazi ukwenza amajele indawo engcono yokuhlumelisa izimilo, lokho kwenziwa ngendlela nangomqondo ophusile.'

Kuthiwa zingaphezu kuka-95% iziboshwa zaseCuba eziphuma emajele sezinezitifiketi, ngesikhathi iziboshwa zidonsa, zisebenza ukwakha izikhungo zikahulumeni ezihlanganisa izikole kanjalo nezibhedlela.

Ngesonto eledlule uNdebele uhlangane noMqondisi Jikelele u-Augusto Eduardo de Souza Rossini, waseBrazil.

"EBrazil iziboshwa ziyakhetha isifundo ezizosenza bese kuthi uma siphumelelile ukusiqeda leso sifundo bese sehliselwa ngezinsuku ezine," kusho uMaistry.

Lokhu kusho ukuthi isiboshwa esigwetshwe unyaka singakwazi ukuthi sifunde sizehlisele ngezinsuku ezingu-48.

UNdebele sekulindeleke ahambele eNew York.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 19-29°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-24°C Heavy rain. Morning clouds. Mild. Bloem: 18-32°C Showers late. High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-28°C Morning clouds. Warm. PE: 15-30°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...