Ugxeke uhulumeni uRamphele

2012-07-30 08:31

Johannesburg - Loyo owabe eyisishoshovu sobandlululo uMamphela Ramphele, usegxeke uhulumeni ngodaba oluthinta ukubambezeleka kwezincwadi esifundazweni iLimpopo, wagxeka nendlela ekusingethwe ngayo lonke udaba okuthinta ezemfundo, kubika iThe Star.

"Asikho isizathu esanele esivumela ukuthi kube khona izingane ezinganazo izincwadi, nanoma ikuyiphi indawo. Angisayiphathi-ke eyokuthi kuthiwe izincwadi zidicilelwe phansi, esho ekhuluma enkomfeni i-Educational Management Association Conference, ebibanjeelwe e-University of KwaZulu-Natal.

URamphele uthe akaqondi ukuthi kungani kungekho muntu osexopshiwe emsebenzini mayelana nodaba lwezincwadi, uthe akaqondi nanokuthi kungani umphakathi ungabhikishi ulwisane nalokhu.

"Buka thina bese ubuka iKhabhinethi, ngitshele nje ukuthi kukhona yini okwenzekayo ukungenelela odabeni lwezincwadi," kusho uRamphele.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 19-30°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-21°C Showers late. Increasing cloudiness. Cool. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...