Ugwetshwe engu-20 umama owabulala ingane
2012-11-13 10:01
Cape Town - Umbulali olahlwe yicala uZulpha Jacobs wasabisa indodana yakhe eneminyaka emibili ubudala uTaariq, wathi uzoyibulala, wase ehamba nayo eya esikhotheni esiseduze eMitchells Plain wafika wazama ukuyigqiba.
Umfanyana wabe elokhu ekhala efuna iphalishi, konke lokhu kuvele eNkantolo eNkulu eWestern Cape, ngesikhathi uJacobs enza isivumelwano nenkantolo.
UJacobs ugwetshwe iminnyaka engu-20 ebhadla ejele, mayelana necala lokubulala kanye nelokuphazamisa ukusebenza komthetho.
Etshela inkantolo uthe yena nendodana yakhe uTaariq, babesekhishini, endlini yomngani wakhe mhlaka-29 Disemba, ngezithuba zawo-08:00 ekuseni.
Uthe uTaariq wayelokhu ekhala efuna iphalishi, elabe seliphelile, umngani wakhe wamuzwa ethethisa ingane ethi: “Ngifisa engabe awukho empilweni yami, uyenza ibe nzima, ngingase ngikubulale," kusho yena uJacobs.
Ngemuva kwalokho uJacobs wahamba nendodana yakhe baya esikhotheni esiseduze wafika wayibulala.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24