Ugwetshwe ekhala owadlwengula indodakazi
2012-12-03 10:03
Mlondi Radebe, The Witness
Durban - INkantolo yesiFunda eMgungundlovu imgwebe iminyaka engu-20 ethothoza ejele ubaba owadlwengula indodakazi yakhe angayizali, eneminyaka engu-12 ubudala.
Umbiko wephephandaba iThe Witness uthi umama wengane usefake incwadi yesehlukaniso, icala lenziwa ngonyaka ka-2010.
Umama wengane ukhale kwaze kwaqedwa enkantolo, ngesikhathi kwethulwa isigwebo, uthe ubemthanda umyeni wakhe futhi emhlonipha.
Ubaba lona kuthiwa ubedlwegula indodakzi angayizali ngesikhathi ayizalayo ilele eceleni.
Umama lona eligodliwe igama lakhe ngenhloso yokuvikela izingane, ethula ubufakzi uthe: " Ukuqedile ukwethemba izingane zami ebezinakho. Awugcinanga ngokuhlukumeza ingane kodwa uhlukanise phakathi umndeni."
“Indodakazi yethu encane ibingahlukani nawe, kodwa manje ingibuza imibuzo engaphenduleki."
Ubaba lona ubekhala ngesikhathi egwetshwa yinkantolo.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- The Witness