Ugwetshiwe usomatekisi owatshengisa isihluku

2012-12-07 12:02

Bloemfontein - Umshayeli wetekisi waseBloemfontein owahlasela umuntu owayehamba ngezinyawo edolobheni unikezwe isigwebo esihambisana nemibandela, kubike iphephandaba iVolksblad ngoLwesihlanu.

U-Aggrey Mojanaga, 43, ugwetshwe yiNkantolo yeMantshi eBloemfontein iminyaka emithathu ebhadla ejele, kuleyo minyaka kuzomele ahlale izinyanga eziyisithupha ejele.

Umbiko uthe iMantshi uJohannes Moeng uyalele ukuba uMojanaga adedelwe ejele ngemuva kwezinyanga eziyisithupha uma eziphathe kahle.

UMojanaga washayisa ngenhloso umhlali wasemgwaqeni, u-Isaac Moalahi, 51, ngetekisi wabe esemgxoba ikhanda phansi emgwaqeni ku-Andrie Pretorius Street ngoMashi ngonyaka odlule.

I-video yesigameko, eyathathwa ngamakhamera e-CCTV, yasatshalaliswa ku-internet.

UMojanaga watholwa enecala lokushaya ngenhloso yokulimaza.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-18°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 12-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...