Ugwetshiwe umdlwenguli eKZN

2013-02-19 10:02

Durban - Owesilisa olahlwe yicala lokudlwengula intombazanyana, ugwetshwe iminyaka engu-24 yiNkantolo yeMantshi yaseVerulam, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesibili.

UCaptain Thulani Zwane uthe le ndoda, 40, igwetshwe ngoMsombuluko.

Ngo-Ephreli 2011, le ndoda yadlwengula le ntombazane yakamakhelwane, ingane yayiseneminyaka eyisithupha ubudala.

Le ndoda eyayihlala ePhoenix yayisendleleni egodukayo ngesikhathi edonsela le ngane esikhotheni eyidlwengula.

"Ingane yabe isibikela udadewabo ngalesi sigameko, nowabe esebikela amaphoyisa," kuphetha uZwane.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-19°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-30°C Tstorms late. Broken clouds. Warm.
Jhb: 15-26°C a few showers. Mostly cloudy. Warm. Bloem: 18-23°C Thunderstorms. Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 22-30°C Tstorms late. Mostly cloudy. Warm. PE: 20-27°C Numerous showers. Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...